Uma ungavumelani, iziphi izikhalo onazo ngaloluhlelo?
Kungabe umele inhlangano ethize?


Le nhlobo yokuhlola seyiphethiwe kuzo zonke izikole zikahulumeni nezikole eziyimele, kanye nasezikoleni zikahulumeni ze-pre primary. Imininingo eqoqiwe ngalesikhathi kwenziwa le nqubo yimininingwane ngabafundi kanye nenani labafundisi nabasebenzi esikoleni leso naleso. Ifomu elilungiselelwe ukufaka le mininingwane kufanele lingcwaliswe yizikole ngosuku lweshumi emuva kokuvulwa kwezikole, kusho ukuthi nge-24 Janawari 2000.
Izinhloko zezikole zizokunikezwa inothisi eyanele ebabikela ukuthi inqubo izokuqala nini na.
Ama-ofishali azakubamba izingxoxo nabafundisi nenhloko yesikole ukuzama ukuthelisisa iqiniso ngenani labafundi.
Bazakuhlolisisa wonke amaphepha (amarejista wekilasi namalisti wekilasi) kunye nezincwadi okanye nawaphi na amaphepha awusizo, benze nezifanekiso zalezincwadi namaphepha umakunesidingo salokho.
Ngaphezulu kwalokho kuzakwenziwa ukuhlola nokubheka ngamehlo abafundi abakhona esikoleni leso ukuze kuqinikesikiswe lokho okubhalwe phansi, kubuye futhi kubhekwe inani lamagumbi wokufundela. Lokuvakashela izikole kuzokuthatha isikhathi esingangehora elilodwa kuye kwamabili.
Kuzokhethwa isampula eyinxenye ye 2% okanye 3% yezikole ezikhona. Indlela yokukhetha izikole izokwenziwa ngaphandle kokucabanga kodwa kuzakuzanywa nakanjani ukuthi zonke iziqephu nezinhlobo-nhlobo zezikole zivakashelwe.
